Isishoshovu esingumakadebona
UMA kukhulunywa ngabesifazane abayizingqalabutho emlandweni wenkululeko yezwe lethu usuke ungakaqedi ukukhuluma ungakaliphathi igama likamakadebona womzabalazo uNkk Nomzamo Winnie Madikizela-Mandela. Omunye uzozibuza ukuthi kungani sivele sisukela yena nje bebaningi kangaka, phela uMadikizela-Mandela owayibamba ishisa ngezikhathi zengcindezelo uhlanganisa iminyaka engu-80 esadla anhlamvana